Operation Manual

ISIZULU
SICELA UNAMATHISELE UBUFAKAZI OBUKHOMBISA UKUTHENGWA KOMSHINI NOMA IRESIDI
YOKUTHENGA UMSHINI NGESIKHATHI UFAKA ISIBIZO NGAPHANSI KWEWARANTI
1. Abakwa-Home of Living Brands (Pty) Ltd (“Home of Living Brands”) baqinisekisa lowo mthengi okunguye owathenga lo mkhiqizo kuqala (“umthengi ”) ukuthi
lomkhiqizo ngeke wonakale mayelana nezinganhle kanye namayelana nekhono owenziwe ngalo kanye nenjongo uma usetshenziswa ngaphansi kwezimo
ezivamile ngabantu noma yimindeni okungase kubonakale phakathi nenkathi engunyaka owo-1 (owodwa) kusukela ngosuku owathengwa ngalo (“inkathi yewaranti”).
2. Lapho umthengi ethenge lo mkhiqizo wase uphuka, umosheka noma uma kwenzeka ungasebenzi kahle uma usetshenziswa ngokwenhloso yawo, umthengi
kumele azise umhlinzeki lapho umthengi awuthenga khona lo mkhiqizo (“umhlinzeki”) ngesikhathi isikhathi sawo sewaranti. Noma yisiphi isibizo mayelana nale
waranti kumele sesekwe wubufakazi bokuthi uwuthengile lo mshini. Uma ubufakazi bokuthi uwuthengile bungekho, izindlekozokuwulungisa kanye noma
zokuwuseviza zizokhokhelwa ngumthengi kumhlinzeki.
3. Umshini owonakele kumele uyiswe esikhungweni sokusevisa somhlinzeki ukuze usebenzise lewaranti.
4. Umhlinzeki uzokuphindisela imali yakho, uzolungisa noma akushintshele lo mkhiqizo ngokuya ngale waranti okuhambisana nezidingo zezomthetho. Le waranti
izoba ngesemthethweni kuphela uma umthengi kungesiyena owuphulile lo mkhiqizo, noma engazange asebenzise lo mkhiqizo ngendlela okungafanele ukuba
usetshenziswe ngayo. Le waranti ayibandakanyi futhi ngeke ithathwe njengekhava imikhiqizo emoshakile ngenxa yezinhlekelele, yokungasetshenziswa kahle,
yokuphazanyiswa, yokusetshenziswa budedengu noma yokushintshwa nanganoma yiyiphi indlela noma yokulungiswa kwalo mkhiqizo.
5. Le waranti ngeyalowo mkhiqizo owathengwa ngalolo suku futhi ayifaki lokho okufakwe kulo mkhiqizo ngumthengi .
6. Uma umthengi ecela ukuthi umhlinzeki alungise lo mkhiqizo bese umkhiqizo uyephuka noma uhluleke ukusebenza kahle zingakapheli izinyanga ezi-3 (ezintathu)
ulungisiwe, hhayi ngenxa yokusetshenziswa ngendlela engafanele, yokuphazanyiswa noma yokulungiswa egameni lomthengi, umhlinzeki uzobe esenikeza
umthengi omunye umkhiqizo noma abuyisele umthengi imali yakhe.
7. Umthengi kungenzeka ukuba akhokhe izindleko ezithile lapho imikhiqizo ibuyiswa ingekho ebhokisini elathengwa ikuyo, noma uma lelo bhokisi limoshekile.
Lezi zindleko zizodonswa kuleyo mali ebuyiselwa umthengi.
HOME OF LIVING BRANDS (PTY) LTD (JOHANNESBURG)
EGOLI INOMBOLO YOCINGO (011) 490-9600
ECAPE TOWN INOMBOLO YOCINGO (021) 552-5161
ETHEKWINI INOMBOLO YOCINGO (031) 792-6000
www.homeoflivingbrands.co.za
LE RESIDI KUMELE IKHONJISWE