Operation Manual
ISIZULU
UKUGCINWA KOMSHINI
• Gcina umshini ebhokisini lawo noma endaweni ehlanzekile futhi eyomile.
• Akumele uthandele intambo kagesi kumshini.
UKUSEVISWA KOMSHINI
Uma umshini ungasebenzi kahle, sicela uhlole lokhu okulandelayo:
• Ukuthi uyilandele kahle yini imiyalelo.
• Ukuthi iswishi ivuliwe obondeni.
• Ukuthi iswishi kagesi IPHAKEME ebhokisini lezintambo likagesi.
• Ukuthi iplaki ingene kahle yini obondeni.
Uma umshini ungakasebenzi emva kokuhlola lokhu okubaliwe lapha ngaphezulu:
- Thinta umthengisi womshini ukuze ulungiswe noma unikwe omunye. Uma umthengisi womshini ehluleka ukuxazulula leyo
nkinga futhi wena udinga ukuwubuyisela lowo mshini, qinisekisa:
• Ukuthi umshini ufakwe ebhokisini lawo owafika ngalo.
• Isiliphi sawo usifakile.
• Isizathu sokuwuphindisela sihlinzekiwe.
Uma intambo kagesi imoshekile, kumele kube ngumkhiqizi noma ngumuntu ohlinzeka ngalowo msebenzi ogunyaziwe okumele
afake enye, ukuze kugwemeke ubungozi. Uma sekumele useviswe ngesikhathi usenewaranti, umshini kumele uphindiselwe
kwabe-Home of Living Brands (Pty) Limited service centre abagunyaziwe. Ukuwusevisa emva kokuphela kwesikhathi sewaranti
kuyenziwa nakho, kodwa kuyakhokhelwa.