Operation Manual

Isexwayiso
1. Iminwe yakho ingasondeli kuzo zonke izingxenye ezihambayo. Kumele uqikelele kakhulu eduze kwenalidi yomshini.
2. Sebenzisa i-plate yenalidi efanele. I-plate engafanele kungenzeka yephule inalidi.
3. Ungazisebenzisi izinalidi ezigobile.
4. Ungayidonsi noma uphushe indwangu ngesikhathi uthunga. Ingase iphambukise inalidi okungenza ukuba iphuke.
5. Cisha umshini wokuthunga uwubeke ku-("O") uma kukhona okushintshayo lapho kukhona khona inalidi, njengokutshutsha ukotini enalidini,
njengokushintsha inalidi, njengokufaka ukotini kubhobhini, noma njengokushintsha unyawo lokucindezela, njll.
6. Ngaso sonke isikhathi wukhiphe umshini wokuthunga kugesi uma ususa lokho okuwembozile, uma uwugcobisa ngamafutha noma wenza noma
yini kokuwusevisa okushiwo ebhukwini lemiyalelo.
7. Ungawusebenzisi endaweni ethambile njengasembhedeni noma esofeni lapho kungenzeka khona ukuthi izimbobo zomoya zivimbeke.
Gcina Le Miyalelo
Siyakuhalalisela ngokuthenga kwakho Umshini Wethu Wokuthunga Wakwa-Empisal .
Lowo nalowo mshini wakhiwe ngendlela yokuqinisekisa ukuphepha nokwethembeka. Ngaphambi kokuwusebenzisa okokuqala,
sicela ufunde ibhukwana lemiyalelo ngokucophelela bese uyigcina ukuze uphinde uyisebenzise futhi esikhathini esizayo.
Izimpawu zomshini zihlanganisa:
Ibhobhini yangaphambili
Iswishi yokuwuvula noma yokuwucima
Indawo yenalidi engakwesokunxele nephakathi naphakathi
Amastishi ayi-18
Imbobo yenkinobho engu-4 step
Isilawuli sobubanzi besitishi
Ububanzi obuphezulu besitishi obungu-4.5mm
Ikhava ethambile
Ubude obuphezulu besitishi obungu-4.5mm
Isitishi esiya emuva
Inalidi engambili
I-Free arm
Isibambo sokuwuphatha
Ukukhipha okokuthandela ibhobhini
Ukufaka, ukukhipha unyawo
I-drop feed
Okokuthungela izinkinobho
Unyawo lukaziphu
Drop feed
Sews on buttons
Zipper foot
3
ISIZULU