Operation Manual
Imiyalelo Yokuphepha Ebalulekile
Uma kusetshenziswa into esebenzisa ugezi. Izindlela eziyisisekelo zokuphepha kumele zilandelwe, okubandakanya lokhu okulandelayo:
Funda yonke imiyalelongaphambi kokusebenzisa (le nto).
UBUNGOZI-Ukwehlisa izinga lokubanjwa ngugesi:
Le nto akumele ukuba ishiywe inganakwe muntu uma ixhunywe kugesi. Kumele ngaso sonke isikhathi ikhishwe kugesi. Yikhipe kugesi
ngokushesha emva kokuyisebenzisa nangaphambi kokuyihlanza.
ISEXWAYISO-Ukuze kwehliswe izanga lokusha, lokubanjwa ngugesi noma lokulimala kwabantu:
1. Ungavumeli ukuba isetshenziswa njengethoyizi. Kudingeka kuqaphelisiswe uma le nto isentshenziswa yizingane noma isetshenziswa eduze
nezingane.
2. Le nto kumele isetshenziswe mayelana nalokho okumele isetshenzislwe khona njengoba kubekiwe kuleli bhukwana. Sebenzisa okunanyathiselwe
kuphela okunconywe ngumkhiqizi njengoba kuqukethwe kuleli bhikwana.
3. Akumele ukuba le nto isetshenziswe uma inentambo eyonakele noma iplaki eyonakele, uma ingasebenzi kahle, uma ike awa noma uma yonakele,
noma uma iwele emanzini. Yiphindisele kumthengisi wayo oseduze nawe ogunyaziwe noma uyiyise lapho iseviswa khona ukuze iyohlolwa,
iyolungiswa, iyoshintshwa yona uqobo noma ingxenye yayo esebenza ngogesi.
4. Akumele ukuba usebenzise le nto uma izimbobo zomoya zivalekile. Gcina izimbobo ezingenisa umoya zomshini wokuthunga ne-foot controller
ukuba zingabi nemvuthu kakotini, ingabi nezintuli kanye nezindwangu ezizihambela zodwa.
5. Akumele ukuba ufake noma yini kunoma yiyiphi imbobo.
6. Akumele uwusebenzise ngaphandle.
7. Akumele uwusebenzise lapho kusetshenziswa khona imikhiqizo yokuchela (spray) noma lapho kuqashwe noma lapho kulawulwa khona i-oxygen.
8.
Uma uyivala, vala konke okokuyilawula ukubeke ku-("O"), bese uyikhipha kugesi.
9. Akumele ukuba uyikhiphe kugesi ngokuyidonsa. Lapho uyikhipha kugesi, bamba iplaki hhayi intambo.
10.
Le nto akumele isetshenziswe ngabantu (okubandakanya nezingane) abanamazinga aphansi amakhono mayelana nemizimba yabo, namakhono ezinzwa
zabo noma amakhono engqondo yabo, noma abanesipiliyoni nolwazi olungenele, ngaphandle uma beqashwe ngeso lokhozi noma uma benikezwa umyalelo
omayelana nokusetshenziswa kwale nto ngumuntu obhkelele ukuphepha kwabo. Izingane kumele ziqashelwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi azidlali ngale nto.
Ingozi
1. Khipha umshini kugesi ngaso sonke isikhathi uma ufaka elinye ilambu. I-bulb oyifakayo kumele ufane naleyo futhi ibe ngu-15 watts.
2. Ungawukhiphi umshini emanzini uma uwele khon . Ukhiphe kugesi ngokushesha.
3. Ungawubeki umshini noma uwugcine lapho okungenzeka uwe khona noma lapho okungenzeka ungene ebhavini noma esinkini. Ungawuwiseli
noma uwubeke lapho kumanzi khona noma kunoma uwubeke kunoma yiluphi uketshezi.
2
ISIZULU