Isiqondiso kumsebenzisi

Table Of Contents
Ngaphambi Kokusebenzisa
Umshini W
okubala
Mayelana Nale Ncwadi
Ngeke kwenzeke ukuthi i-CASIO Computer Co., Ltd. ibe necala kunoma
ngubani omunye ngomonakalo okhethekile, ongalindelekile, noma
owumphumela wokuthile ngokuphathelene noma ovela ngokuthengwa
noma ekusetshenzisweni kwalo mkhiqizo nezinto eziza nawo.
Ngaphezu kwalokho, i-CASIO Computer Co., Ltd. ngeke ikwazi
ukumangalelwa nganoma yisiphi isimangalo sanomat yiluphi uhlobo
nganoma yimuphi omunye umuntu ovela ekusetshenzisweni kwalo
mkhiqizo nezinto eziza nazo.
Ngaphandle uma kuchaziwe ngokucacile, yonke imisebenzi yesampula
kule ncwajana ibheka ukuthi umshini wokubala usesimweni sawo
sasekuqaleni usanda kukhandwa. Sebenzisa inqubo engaphansi
kokuthi "Ukuqalisa Umshini W
okubala" ukubuyisela umshini wokubala
esimweni sasekuqaleni usanda kukhandwa.
Okuqukethwe yileli bhukwana kungashintsha ngaphandle kwesaziso.
Izithombe nemifanekiso (njengezimpawu eziyisihluthulelo) ezikhonjisiwe
kule ncwajana zenzelwe ukufanekisa kuphela, futhi zingase zihluke
kwezinye izinto ezizimele zona.
Amagama kanye namagama omkhiqizo asetshenziswe kule ncwadi
kungabhaliswa ngamagunya okubhalisa noma izimpawu zokuthengisa
zabanikazi bawo.
Ukuqalisa Umshini W
okubala
Yenza inqubo elandelayo uma ufuna ukuqalisa umshini wokubala bese
ubuyela endleleni yokusebenzisa yokubala bese uhlele ukuba umshini
wakho ubuyele esimweni sayo sasekuqaleni isanda kuthengwa. Qaphela
ukuthi lo msebenzi uphinde usule konke ukwaziswa okukhona
njengamanje enkumbulweni yomshini wokubala.
fx-82MS/fx-85MS/fx-300MS/fx-350MS:
(CLR) (All)
fx-220 PLUS: (All)
3