User Manual
Zu-3
• Gwema ukusebenzisa nokugcina lomkhiqizo endaweni enamazinga
okushisa nokubanda aphansi kakhulu noma phezulu kakhulu,
nasezindaweni ezinomswakama kanye nezintuli eziningi.
• Isibalinzulu masingashayeki kanzima, singacindezeleki kanzima futhi
singagotshiswa.
• Ungazami ukuqaqa isibalinzulu.
• Sebenzisa indwangu ethambile, eyomile ukuhlanza ingaphandle
lesibalinzulu.
• Uma usulahla isibalinzulu kumbe amabhetri, yiba nesiqiniseko sokuthi
lokho ukwenza ngokulandela imigomo nemithetho yasendaweni
yakho.
* Amagama ezinkampani nemikhiqizo asetshenziswe kulelibhukwana
kungaba amagama okuhweba ezinkampani arejistiwe kumbe awabanikazi
bazo izinkampani arejistiwe.
Ukususa ikhava yangaphandle
Ngaphambi kokusebenzisa isibalinzulu,
shishilizelisela ngezansi ikhava yangaphandle
ukuze isuke, ebese uyixhuma ngemuva
kwesibalinzulu njengoba kukhonjisiwe
emifanekisweni.
Ukukhanyisa nokucima
Cindezela u O ukukhanyisa isibalinzulu.
Cindezela u 1A(OFF) ukucima isibalinzulu.
Ukuzicima ngokwawo
Isibalinzulu sakho sizozicisha ngokwaso uma ungasisebenzisanga imizuzu eli
10 noma imizuzu engama 60. Bheka isihloko “Ukulungisa, ucuphe isethaphu
yesibali”, ukuthola imininingwane. Uma lokhu kwenzeka cindezela inkinobho
u O ukukhanyisa isibalinzulu.
Ukulungisa ukwahlukana ebusweni
besibali
Khombisa isibuko sokwahlukana ngokwenza lokhu okulandelayo:
1N(SETUP) c7( ]CONT '). Sebenzisa u d no e ukulungisa
ukwahlukana. Uma usulungise ngendlela oyifunayo cindezela u A.
Kubalulekile: Uma ukulungisa ukwahlukana kungenzingcono ukufundeka
kokukhonjisiwe, kusho ukuthi amandla ebhetri aphansi. Lishintshe ibhetri.
Iziphawulo zezinkinobho
Ukucindezela inkinobho u 1 noma u S kulandelwa
inkinobho yesibili, yenza umsebenzi omunye
wenkinobho yesibili. Umsebenzi omunye wenkinobho
yesibili ukhonjiswa ngombhalo, obhalwa ngaphezu
kwenkinobho.
Okulandelayo kukhombisa ukuthi imibala ehlukene
ngaphezu kwenkinobho isho ukuthini:
sin
–1
D
s
Ifanshini enye
Ifanshini
esenkinobhweni
sin
–1
D
s
Ifanshini enye
Ifanshini
esenkinobhweni










