Isiqondiso kumsebenzisi

Uma le nkomba ivela ohlangothini lwesokudla lemiphumela yesibalo,
kusho ukuthi umphumela wesibalo esivelile uyaqhubeka
ngakwesokudla. Sebenzisa i- ne- ukuskrola imiphumela yesibalo
esibonisiwe.
Uma le nkomba ivela ohlangothini lwesokudla lwesibalo esifakiwe,
kusho ukuthi isibalo esibonisiwe siyaqhubeka ngakwesokudla.
Sebenzisa i- ne- ukuskrola isibalo esibonisiwe. Qaphela ukuthi
uma ufuna ukuskrola isibalo esifakiwe kuyilapho le nkomba nale
zibonisiwe, kuzodingeka ucindezele i- kuqala kanye ne-
ukuze uskrole.
Bonisa izikhombisi
Le nkomba: Sisho lokhu:
Ikhiphedi isunduziwe ngokucindezela lo khiye .
Ikhiphedi ngeke isunduzeke futhi le nkomba ngeke
isabonakala uma ucindezela ukhiye.
Imodi yokufaka i-alpha seyifakiwe ngokucindezela
lo khiye . Imodi yokufaka i-alpha kuzophunywa
kuyo futhi le nkomba ngeke isabonakala uma
ucindezela ukhiye.
M Kunenani elilondwe enkumbulweni ezimele.
STO
Umshini wokubala ulinde ukufakwa kwegama
lesimeleli ukuze wabele inani kuleso simeleli. Le
nkomba ibonakala emva kokuba ucindezele i-
(STO).
RCL
Umshini wokubala ulinde ukufakwa kwegama
lesimeleli ukuze ukhumbule inani lesimeleli. Le
nkomba ibonakala emva kokuba ucindezele i- .
STAT Lo mshini wokubala Ukumodi ye-STAT.
Iyunithi ye-engele yasekuqaleni iku-degrees.
Iyunithi ye-engele yasekuqaleni iku-radians.
Iyunithi ye-engele yasekuqaleni iku-grads.
FIX
Inombolo ezinzile ezindaweni zedesimali
iyasebenza.
8