Isiqondiso kumsebenzisi

Izinyathelo Zokuphepha
Qiniseka ukuthi ufunda izinyathelo zokuphepha ezilandelayo ngaphambi
kokusebenzisa umshini wokubala.
Izexwayiso Zokuphepha
Ibhetri
Gcina amabhetri ekude nalapho kungafinyelela khona izingane
ezincane.
Sebenzisa uhlobo lwebhetri oluhloselwe lomshini wokubala
oluboniswe kule manuwali.
Izexwayiso Zokusingatha
Noma ngabe isibali sisebenza ngendlela elindelekile, lishintshe ibhetri
ngokohlelo oluboniswe ngezansi. Ukuqhubeka ulisebenzisa nangemva
kweminyaka eshiwo kungabangela ukuba isibali singasebenzi kahle.
Lishintshe ngokushesha ibhetri uma seziba lufifi izinombolo.
fx-82ZA PLUS II: Njalo ngemva kweminyaka emibili
Ibhetri eseliphelile lingavuza, lidale umonakalo nokungasebenzi kahle
kwesibali. Ungalishiyi ibhetri eliphelile esibalini.
Ibhetri elifika nesibali elokuhlola kwasembonini, futhi liyaphela
kancane ngesikhathi sokuthuthwa nokugcinwa. Ngenxa yalokhu,
ibhetri lesibali lingase lisheshe ukuphela.
Ungalisebenzisi ibhetri eline-nickel kulo mkhiqizo. Ukungahambelani
kwamabhetri anjalo nemininingwane yalo mkhiqizo kungadala ukuthi
amabhetri asheshe aphele nokuthi lo mkhiqizo ungasebenzi kahle.
Gwema ukusebenzisa nokugcina isibali endaweni enamazinga okushisa
eqile, nomswakama kanye nezintuli eziningi.
Isibali masingashayeki, singacindezeleki futhi singagotshiswa kakhulu.
Ungazami ukusiqaqa isibali.
Sebenzisa indwangu ethambile, eyomile ukuhlanza ingaphandle lesibali.
Noma nini ulahla isibali kumbe amabhetri, qiniseka ukuthi lokho
ukwenza ngokwemithetho yasendaweni ohlala kuyo.
Ukuqalisa
Ukususa Isembozo Esiqinile
Ngaphambi kokusebenzisa umshini wokubala, sunduza ikhava yaso
yangaphandle yehle ukuze uyikhiphe, bese uyifaka ngemuva komshini
wokubala njengoba kukhonjisiwe emifanekisweni.
5