Isiqondiso kumsebenzisi

I-Argument ERROR
Imbangela:
Impikiswano engeyona inombolo ephelele ifakiwe ngokuqondene
nokusebenza kwenombolo yomjikelezo (RanInt#).
Isenzo:
Faka izinombolo eziphelele kuphela ngempikiswano.
Ngaphambi Kokuthatha Ngokuthi
Isibali Asisebenzi Kahle…
Yenza izinyathelo ezilandelayo noma nini lapho kwenzeka iphutha
phakathi nesibalo noma uma imiphumela yesibalo inasi yilokho okulindele.
Uma isinyathelo esisodwa singalungisi inkinga, dlulela esinyathelweni
esilandelayo.
Phawula ukuthi kufanele wenze amakhophi ahlukene edatha ebalulekile
ngaphambi kokwenza lezi zinyathelo.
1. Hlola isimeleli esiyisibalo ukuze uqiniseke ukuthi asinamaphutha.
2. Qiniseka ukuthi usebenzisa imodi efanele lolo hlobo lwesibalo ozama
ukusenza.
3. Uma izinyathelo ezingenhla zingayilungisi inkinga yakho, cindezela lo
khiye
. Lokhu kuzokwenza ukuthi isibali senze inqubo ehlola ukuthi
amafankshini okubala asebenza ngokuyikho na. Uma isibali sithola
noma yini engafanele, siziqalisela sona ngokwaso imodi yokubala,
sicishe konke okuqukethwe yinkumbulo. Ngemininingwane emayelana
namasethingi okuqalisa, bheka "Ukulungiselela Ukusetha Umshini
Wokubala".
4. Qalisa wonke amamodi namasethingi ngokwenza lokhu
okulandelayo: (CLR) (Setup) (Yes).
Ukubuyisela Ibhetri
Ibhetri idinga ukushintshwa ngemva kweminyaka ethile eshiwo. Futhi,
ibhetri yishitshe ngokushesha lapho izinomombolo sezibonakala kalufifi.
Ibhetri eliphelile libonakala ngokubonisa luvivi, ngisho nalapho ulungisa
ukubukeka, noma ngokungabonakali kwezibalo esibonisini ngokushesha
lapho uvula umshini wokubala. Uma lokhu kwenzeka, faka ibhetri elisha.
58