Isiqondiso kumsebenzisi

Ngaphambi Kokusebenzisa
Umshini Wokubala
Mayelana Nale Manuwali
I-CASIO Computer Co., Ltd. ayisoze yaba nacala kumuntu mayelana
nokulimala okukhethekile, okube umphumela, okwenzeke ngephutha,
noma okubangelwe ukuthengwa noma ukusetshenziswa kwalo
mkhiqizo kanye nezinto ezihambisana nawo.
Ngaphezu kwalokho, i-CASIO Computer Co., Ltd. ayizukuba
nasibophezelo sokukhokha izindleko zanoma yiluphi uhlobo ezingase
zifunwe ngunoma ngubani, ezidaleke ngenxa yokusebenzisa lo
mkhiqizo nazo zonke izinto ohambisana nazo.
Ngaphandle kokuthi kuboniswe ngokuqondile, wonke amasampula
okusebenza kule manuwali azosebenza njengalapho umshini wokubala
usesimweni sasekuqaleni. Sebenzisa inqubo engaphansi kwesithi
"Ukuqala Ukusebenzisa Isibali" ukuze uphindisele umshini esimweni
sasekuqaleni.
Okuqukethwe yile manuwali kungashintsha ngaphandle kwesaziso.
Izibonisi nemifanekiso (njengezimpawu zokhiye) okuboniswe kule
manuwali ngekwezinjongo zokufanekisa kuphela, futhi kungahluka
ngandlela thize ezintweni zangempela okuzimelelayo.
I-QR Code uphawu lohwebo olubhalisiwe lwe-DENSO WAVE
INCORPORATED eJaphane nakwamanye amazwe.
Amagama ezinkampani nemikhiqizo okusetshenziswe kule manuwali
kungaba yizimpawu zohwebo ezibhalisiwe noma izimpawu zohwebo
zabanikazi bazo.
Ukuqala Ukusebenzisa Isibali
Yenza inqubo elandelayo uma ufuna ukuqalisa umshini wokubala futhi
uphindisele imodi yokubala nokusetha kumasethingi asekuqaleni.
Phawula ukuthi lesi sinyathelo siphinde futhi sicishe yonke idatha
njengamanje esenkumbulweni yesibali.
(CLR) (All) (Yes)
4