Isiqondiso kumsebenzisi
2. Sebenzisa isimeleli u-X ukufaka imisebenzi emibili, omunye ngefomethi
ye-f(x) bese omunye ngefomethi ye-g(x).
• Qiniseka ukufaka isimeleli sika-X ( (X)) uma ukhiqiza ithebula
lezinombolo. Noma yisiphi isimeleli ngaphandle kuka-X sisingatwa
njengenani elingashintshi.
• Uma usebenzisa umsebenzi owodwa, faka umsebenzi ngale fomethi
kuphela f(x).
• Okulandelayo ngeke kusetshenziswe emsebenzini: Pol, Rec.
3. Ekusabeleni eziyalezini ezivelayo, faka amanani ofuna
ukuwasebenzisa, ngokucindezela i- ngemva kwenye.
Kwalesi siyalezi: Faka lokhu:
Start?
Faka umkhawulo ophansi ka-X
(Default = 1).
End?
Fka umkhawulo ophezulu ka-X
(Default = 5).
Phawula: Qiniseka ukuthi inani le-
End lihlala lilikhulu kunenani le-Start.
Step?
Faka isinyathelo sokukhuphula
(Default = 1).
Phawula: I-Step sibalula ukuthi
kufanele libe ngakanani inani le-Start
ngokulandelana kokukhuphuka
njengoba ithebula lezinombolo
likhiqizwa. Uma ubalula i-Start = 1
kanye ne-Step = 1, u-X
ngokulandelana uzokwabelwa
izimeleli 1, 2, 3, 4, njalonjalo
ekukhiqizeni ithebula kuze kube
yilapho inani le-End lifinyelelwe.
•
Ukufaka inani le-Step nokucindezela u- kukhiqiza futhi kubonise
ithebula lezinombolo ngokuvumelana namapharamitha owabalulile.
•
Ukucindezela i- kuyilapho isikrini sethebula lezinombolo
sibonisiwe kuzophindela esikrinini sokufaka umsebenzi 2.
48