Isiqondiso kumsebenzisi

Uma kukhethwe Isibonisi Semvelo, ukucindezela u- kuyilapho i-cursor
isekugcineni kwesibalo esifakwayo kuzoyenza ukuba yeqele ekuqaleni, kuyilapho
ukucindezela u- njengoba i-cursor isekuqaleni kuzoyenza yeqele ekugcineni.
Ungafaka kuze kube amabhayithi angu-99 wesibalo. Inombolo ngayinye, uphawu,
noma umsebenzi uvame ukusebenzisa ibhayithi elilodwa. Eminye imisebenzi idinga
amabhayithi amathathu ukuya kwangu-13.
I-cursor izoshintsha isimo sibe kanje uma kunamabhayithi angu-10 noma
ngaphansi walokho okuvumeleke ukufakwa okusele. Uma lokhu kwenzeka, qeda
ukufaka isibalo bese ucindezela .
Ukufaka Ngesibonisi Semvelo
Ukukhetha Isibonisi Semvelo kwenza ukwazi ukufaka futhi ubonise
amafrakshini neminye imisebenzi (log,
, , , , , , , ,
, Abs) njengoba nje ilotshiwe encwadini yakho yokufunda.
Isibonelo:
2 + 2
1 + 2
(MthIO-MathO)
2 2 1 2
Kubalulekile!
Izinhlobo ezithile zezichazi zingabangela ukuphakama kwesichazi esifakwe ukuba
sibe sikhulu kunaleso esiboniswa emugqeni owodwa. Umkhawulo wokuphakama
okuvumelekile kwesichazi esifakwayo yizikrini zokubonisa ezimbili (31 amacashaza ×
2). Ukufaka okuqhubekayo ngeke kwenzeke uma ukuphakama kwesibalo osifakayo
kudlula umkhawulo ovumelekile.
Imisebenzi ebhanqene nabakaki kuvumelekile. Ukufaka okuqhubekayo ngeke
kwenzeke uma ubhanqanisa imisebenzi eminingi kakhulu futhi/noma abakaki. Uma
lokhu kwenzeka, hlukanisa isibalo ngezingxenye ezimbili bese ubala ingxenye
ngayinye ngokwehlukile.
Phawula
Uma uchofoza bese uthola imiphumela yesibalo usebenzisa Isibonisi Semvelo,
ingxenye yesichazi osifakayo inganqanyulwa. Uma udinga ukuphinde ubone sonke
isichazi osifakile, cindezela
bese usebenzisa i- kanye ne- ukuskrola
isichazi osifakile.
17