Isiqondiso kumsebenzisi
Ukufaka Izichazi Namanani
Imithetho Evamile Yokufaka
Izibalo zingafakwa ngendlela efanayo naleyo ezibhalwa ngayo. Uma
ucindezela
ukulandelana kwesibalo osifakile kuzohlolwa
ngokuzenzakalelayo futhi imiphumela izovela esibonisini.
Isibonelo 1: 4 × sin30 × (30 + 10 × 3) = 120
*1 Ukufakwa kwabakaki abavalayo kudingekile ngokuqondene no-sin,
sinh, nezinye izisetshenziswa ezihilela abakaki.
*2 Lezi mpawu zokuphindaphinda (×) zingasuswa. Uphawu
lokuphindaphinda lingasuswa uma lifakwe ngaphambi kwabakaki
abavulayo, ngaphambi kuka-sin noma ezinye izisetshenziswa ezihilela
abakaki, ngaphambi kwesisetshenziswa u-Ran# (inombolo
ejikelezayo), noma ngaphambi kwesimeleli (A, B, C, D, E, F, M, X, Y),
amanani angashintshi angokwesayensi, u-π noma u-e.
*3 Abakaki abavalayo ngaphambi nje kwalesi senzo
bangasuswa.
Isibonelo 2: Faka isibonelo sokususa *
2
kanye *
3
nezenzo
ezisesibonelweni esingenhla.
4 30 30 10 3
Phawula
• Uma isibalo siba side kunobude besikrini lapho usifaka, isikrini sizoskrola
ngokuzenzakalelayo ngakwesokudla futhi le nkomba izovela esibonisini. Uma
lokhu kwenzeka, ungaskrolela emuva ngakwesobunxele ngokusebenzisa i- ne-
ukuhambisa i-cursor.
• Uma kukhethwe Isibonisi Somugqa, ukucindezela u- kuzobangela ukuba i-cursor
yeqele ekuqaleni kwesibalo, kuyilapho i- izokweqela ekugcineni.
16